Impindiselo Ayinanzuzo

Impindiselo Ayinanzuzo

By Siphosonke Mazibuko

WPR Cohort: 2021

Language: isiZulu

Genre: Drama

Lencwadi ibhalelwe ukuvula amehlo kulaba abakholelwa empindiselelweni ukuze babone ukuthi imiphumela yempindiselo ayiyisani ndawo injalo nje ikwenza uzisole impilo yakho yonke.

Buy on Kobo

Author Bio

Siphosonke

Igama lami nginguSiphosonke Precios. Isibongo ngingowakwaMazibuko. Ngineminyaka engama-20. Ngingowesifazane owakhulela emakhaya. Ekukhuleni kwami ngabona izimo abantu ababedlula kuzo empilweni yize ngangingazi ukuthi zazibangelwa yini. Kodwa ngangazi ukutho zinezisombululo. Ngakho-ke ngazizwa kumele ngisho okuthile okwakuyobafinyelela kubo bonke abantu. Ngakho-ke ngakhetha ukubhala. Lwaqala lapho uthando lokubhala. Njalo uma ngibhala ngenza isiqiniseko sokuthi umuntu ozofunda imibhalo yami uthola okuthile kuyo. Kungenzeka athole ukukhuthazeka, iziyalo kanye nezifundo. Ngingalibele ukuphila, kakade kunokuphila emagameni. Ngenza unyaka wokuqala ezifundweni ze-Bechelor of Consumer Science e-Unisa.

WPR