
WPR Cohort: 2024
Language: isiZulu
Genre: Short story collection
Lezi zindatshana ezibhalwe nguMluleki zibuka jikelele ezingempilo yengqondo ebantwini abasha abahlala elokishini laseWembezi. Lapha umbhali unethemba lokuthi umfundi uzosebenzisa lezi zindaba ukuzindla ngokubangela ukucindezeleka ngokwengqondo. Ngalokho sengathi lezi zindatshana zingamugqugquzela umfundi, nanoma engahlali endaweni yaselokishini, ukuba abhekane nezinselelo zokuphila ngempumelelo.
Buy on Kobo
UMluleki Vincent Dladla uzalelwe e-Estcourt, KwaZulu-Natali, waphinde wakhulela khona futhi. Ufunde ezikoleni zendawo, eZola Primary kanye naseWembezi Secondary. Ubeeseyozama nokuqhubeka nezifundo zakhe emazingeni aphakeme, nokuyilapho kungazange kulunge khona. UMluleki ukhonze kakhulu umtapo wolwazi kanye nokufunda imibhalo enhlobonhlobo, kwazise uhlale ekhathalele ukuqonda kangcono ngendawo ahlala kuyo. Ngalokho uMluleki unethemba futhi lokuthi uzoqhubeka nokubhala izindaba ezimfushane zokuziqambela, ezifundisayo, nezizobamba iqhaza ekuthuthukiseni ilokishi langakubo - njengazo nje lezi zindatshana eziyiqoqo lakhe lokuqala.
