
WPR Cohort: 2025
Language: isiZulu
Genre: Short story
Le ndatshana igxile entweni eyisihlava esihlasele umhlaba wonke okuwukuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Endabeni sethulelwa uMaMchunu njengomlingiswa omkhulu, phezu kwezingqinamba abhekana nazo uMaMchunu uphinde azithole esesimweni sokukhetha phakathi kwezinto ezinzima. Isinqumo sakhe siphinde sijikele yena futhi ekugcineni.
Buy on Kobo
UThobani Mungwe udabuka endaweni yase-Estcourt, eMtshezi, eNtabamhlophe, esigodini sakwaNdaba eMtabhane ngaphansi kwenkosi uNdaba nenduna uNdaba. Imfundo yamabanga aphansi wayiqala eHlaba Primary School, eMthwalume, esigodini sakwaNdelu nokuyilapho akhulela khona. Emva kokuphuthula ibanga lesi-7, wabe esedlulela esikoleni samabanga aphezulu iMafumbuka Secondary School esiseThekwini, eMlazi, esigcemeni sakwa C. Ufunde eMafumbuka waze waphothula umatikuletsheni wakhe ngamalengiso. Ngemva kwalokho wabe esedlulela eNyuvesi YakwaZulu. Unyaka wezi-2025, ngunyaka wakhe wesibili ekufundeleni kwakhe iziqu zeBachelor of Laws, (i-LLB).
