
WPR Cohort: 2018
Language: isiZulu
Genre: Drama
Isiziba Nedwala Elibushelelezi” wumdlalo olanda kabanzi ngokuthi iNkosi yesizwe samaZulu uDingane yambulala kanjani umfowabo uMhlangana ukuze ithole isihlalo sobukhosi. Kubalulekile ukuba umlando wesizwe udluliselwe ezizukulwaneni ngezizukulwane. Lo mdlalo uthinta izigameko ababhali abaningi abangazinakanga kanye nabantu ababa neqhaza ekubumbeni umlando wesizwe.
Buy on Kobo
Mina Ntokozo Mandlendoda Allen Ross Nzuza ngazalwa isithole sakwaMdladla esasiwumdwebi nombazi wezithombe . Sathathwa insizwa uVincent M. Nzuza owabe eligcokama lensizwa nelasifundisa ukwazisa abantu nokunaka esikwenzayo. Ukufunda bakufaka kimi bobabili nokwaholela ekubeni nginamathele kukho ngoba bathi isona sikhiye sekusasa lami. Ngikhulele kwaNongoma ngafunda ezikoleni ezilandelayo- Nyuswa Primary School, Ubambiswano High School ne Sunnydale High School. Imfundo yobuthishela ngayenza Eshowe Training College ngase ngidlela ekufundiseni ngaze ngaba uThishomkhulu. Ngedlula ngafunda ngaba neziqu zesiZulu ngokulandela yonke imigudu yakhona ngaze ngazuza nezobuDokotela. Njengamanje ngifundisa isiZulu eMnyangweni wesiZulu naMasiko oNgoye.
