
WPR Cohort: 2024
Language: isiZulu
Genre: Drama
Le ncwadi ikhuluma ngentokazi eyayiwunondidwa egama layo lingu-MBALENHLE eyakhulela endaweni yasemakhaya. Yashiya ikhaya yanyamalala yalibangisa kwaNdonga ziyaduma yayoqala impilo entsha engenazinkinga futhi esheshayo. Yakhohlwa yizozonke izinkinga ebibhekene nazo emakhaya.
Buy on Kobo
USinenhlanhla Msweli wazalelwa waphinde wakhulela KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika. Uneziqu ze-Postgraduate kweZolimi azithola e-Durban University of Technology, lapho athola khona umfundaze wokuyokwenza izifundo zeZilimi e-Spain, eNyuvesi yaseMalàga. USinenhlanhla ungumbhali omusha, owathola uthando lokubhala ngo-2020 kunyaka wakhe wokuqala enyuvesi. Uyakujabulela ukubhala i-fiction kanye ne-nonfiction njengoba kumvumela ukuthi ahlole izici ezihlukene zobuciko bakhe futhi afinyelele kwizethameli ezihlukene. Kodwa-ke, i-nonfiction igqugquzelwa kakhulu isipiliyoni sakhe kwezobuntatheli kanye namaphepha akhe ocwaningo lwezemfundo enyuvesi.
