Uphahla Lwezimanga

Uphahla Lwezimanga

By Siyanda Ngema

WPR Cohort: 2023

Language: isiZulu

Genre: Novella

Indaba siyixoxelwa ngumfanyana omncane ogama lakhe kunguSipho. USipho wasuka nonina eMnambithi baya kwaDukuza emva kokuba unina ethole umsebenzi wobumeli enkantolo yakwaDukuza. Ngobusuku bumbe uSipho akazange washesha ukulala, wabona uninalume enyonyoba ebusuku wayolunguza uNandi ngehlomela. Kwamethusa lokho ayekubona uSipho. Waqhubeka wabheka uninalume wagcina ebone izenzo ezikhexisa umlomo.

Buy on Kobo

Author Bio

Siyanda

USiyanda Ngema wazalwa mhla ziyi-07 kuNhlangulana 1990, ezalelwa esibhedlela saseMdlovane (eGreytown Hospital). Wakhuliswa nguninakhulu owateta unina, endaweni yakwaHlomendlini, emakhaya. Waqala imfundo esemabangeni aphansi eRamlakan Primary School, okuyilapho afunda khona wabe esedlulela esikoleni sasoDumo, isikole samabanga aphezulu. ODumo yilapho afunda khona waze waphothula izifundo zakhe zikamatikuletsheni, ngo-2009.

WPR