Wagcina kudala Nyambose

Wagcina kudala Nyambose

By Ntobeko Nkosi

WPR Cohort: 2022

Language: isiZulu

Genre: Novella

USthombe Luthuli waye ngakhohliwe esentendeni yesandla ngokushada no qweqwe loMmeli uMthokozisi Mtethwa kanti akabuzanga elangeni. Yincwasimende uqobo lwayo umfo kaNyambose futhi ufunde wagogoda kwezomthetho. Kodwa idemoni lozalo lalimqumba phansi yize eyinkakha yoMmeli. USthombe uphilela I GBV kulomshado wakhe ayikho injabulo. Ngisho isiboshwa asiphathwa ngendlela okuphathwa ngayo uSthombe.

Buy on Kobo

Author Bio

Ntobeko

Ntobeko Nkosi umbhali osafufusa wase Ningizimu Afrika owuthisha ngoko msebenzi. Ushicilele incwadi yakhe yokuqala ngosizo lohlelo i-WritePublishRead olunganyelwe abashicileli bakwa Via Afrika. Uhlomlele isikole sakhe izindodo nezitifiketi kwi mincintiswano wobuciko namasiko ezingeni lesekhethi ne siyingi emkhakheni wokuqamba izinkondlo. Njengothisha wolimi uthuthukise abafundi ebacija kwi khono lokubhala nokwethula.

WPR